Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.
UMalaki 2:5 - IsiZulu 2020 “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika lokho ukuba angihloniphe, wangihlonipha, futhi walesaba iGama lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami. Contemporary Zulu Bible 2024 Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula; ngamnika ngenxa yokwesaba ayengesaba ngakho, esaba igama lami. |
Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.
Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.
“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.
Ngiyakukwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano saphakade; ngiyakubahlalisa bazinze, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.
UFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi, wakubona lokho, wasukuma phakathi kwenhlangano, wadumela umkhonto wakhe.
Wayesemlandela lowo muntu wakwa-Israyeli, wangena ethendeni lakhe, wababhokoda bobabili ngomkhonto esiswini, lwase lunqamuka ubhubhane kwabakwa-Israyeli.
“Thatha abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nemfuyo yabaLevi esikhundleni samazibulo emfuyo yabo, ngokuba abaLevi bangabami; nginguSimakade.
“Emveni kwalokho abaLevi bayongena ethendeni lokuhlangana ukuyokwenza inkonzo yalo. Uyakubahlambulula ubanikele, babe ngumnikelo wokuzungeziswa.