Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”
UJoweli 3:19 - IsiZulu 2020 IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE IGibithe liyakuba yincithakalo, u-Edomi abe yihlane lencithakalo ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda, ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo. Contemporary Zulu Bible 2024 IGibithe liyakuba yincithakalo, no-Edomi abe yihlane eliyincithakalo, ngenxa yobudlova phezu kwabantwana bakwaJuda, ngokuba bachitha igazi elingenacala ezweni labo. |
Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”
Bayohlangana bahlasele amaFilisti entshonalanga, baphange abantu basempumalanga, bayakumelana nabakwa-Edomi nabakwaMowabi, ama-Amori ayoba ngaphansi kwesandla sabo.
USimakade uyoqalekisa itheku lolwandle leGibhithe, anyakazise isandla sakhe phezu komfula awuhwamukise ngekhoza lomoya wakhe, awushaye ube yimifudlana eyisikhombisa, ongayiwela uhamba ngezinyawo.
“U-Edomi uyakuba yinto esabekayo, kuthi bonke abedlulayo bamangale, banximfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
“Ubudlova obenziwe kimi nakubantu bakithi, mabube phezu kweBhabhele;” makasho kanjalo owakhileyo eZiyoni. “Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKhalideya;” malisho kanjalo iJerusalema.
Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu.
Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”
Ngokuba ubudlova obenziwe eLebhanoni buyakukuhaqa, nokubhujiswa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yokuchithwa kwegazi labantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.
Ngiyakubabuyisa eGibhithe, ngibaqoqe eSamariya, ngibayise kwaGileyadi naseLebhanoni, akuyukutholakala ndawo eyakubanela.
Uma kuyinto elungile kuNkulunkulu uyakukubuyisela ukuhlupheka kulabo abanihluphayo,