UJoweli 3:14 - IsiZulu 2020 Yizindimbane ngezindimbane esigodini sesinqumo, ngokuba usuku lukaSimakade selusondele esigodini sesinqumo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela. Contemporary Zulu Bible 2024 Izixuku, izixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova luseduze esigodini sokwahlulela. |
Yizwani umsindo ezintabeni, inhlokomo kungathi ngeyabantu abaningi! Yizwani ukuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangana ndawonye! USimakade Wamabandla uqoqa impi yakhe.
Isiphrofetho ngesiGodi Sombono. Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu, nenyukele ophahleni lwendlu,
Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.
Bethani uphondo eZiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele, mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaSimakade, impela selusondele.
USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?
“Mabazivuse izizwe, mazikhuphukele esigodini sikaJehoshafathi, ngokuba ngiyakuhlala lapho ngehlulele zonke izizwe ezilapho nxazonke.
ngiyakuqoqa zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafathi, ngizehlulele lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli, ezimhlakazele ezizweni, zabelana ngezwe lami.
“Usuku olukhulu lukaSimakade seluseduze, lusondele futhi luyashesha kakhulu. Umsindo wosuku lukaSimakade uwusizi, neqhawe liyakuqanduqandula lapho.
Ngalo lelo lizwi, izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo, kulindele usuku lokwehlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.