Uma ulima, umhlabathi awuyikukunika sivuno; uzoba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”
UJoweli 2:22 - IsiZulu 2020 Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningesabi nina zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asogwadule ahluma, ngokuba umuthi uthela izithelo zawo, umkhiwane nomvini kuyabanika amandla. |
Uma ulima, umhlabathi awuyikukunika sivuno; uzoba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”
Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.
Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngokusanhlamvu, konke kuyajabula, kuyahlabelela.
Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.
Ngiyakuzandisa izithelo ezihlahleni zenu nesivuno emasimini, ukuze ningathelwa ngehlazo ezizweni ngenxa yendlala.
Bayakuthi: “Leli lizwe ebeliyihlane selifana nensimu yase-Edene; nemizi ebibhujisiwe, ebiyincithakalo nebibhidliziwe isibiyelwe, sekukhona abahlala kuyo.
“ ‘ “Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuhluma amagatsha, nithelele abantu bami izithelo, ngokuba sekuseduze ukuba babuye.
Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”
ngaleso sikhathi lapho umuntu eya endundumeni yezilinganiso ezingama-20, kodwa kube lishumi nje, nalapho eya emiphongolweni yewayini lezilinganiso ezingama-50, kodwa athole elezingama-20 kuphela.
“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.
Noma kunjalo otshalayo noniselayo kabalutho, kodwa okunguYena kuphela uNkulunkulu okhulisayo.