UJoweli 2:15 - IsiZulu 2020 Bethani uphondo eZiyoni, nimemezele usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano; Contemporary Zulu Bible 2024 Vuthelani icilongo eSiyoni, ningcwelise usuku lokuzila, nibize umhlangano ozothileyo. |
Waloba ezincwadini ukuthi: “Memezelani ukuzila ukudla, nimbeke uNabothi endaweni emqoka kuneyabanye abantu,
Wayesethi uJehu: “Mahlukaniseleni uBhali umhlangano womkhosi.” Bawumemezela-ke.
Khawulani ukungilethela iminikelo engasho lutho; impepho iyisinengiso kimi. Imikhosi yenu yokwethwasa kwenyanga namasabatha, nokubiza imihlangano; anginakuyibekezelela imihlangano yenu emibi.
Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade.
Memezelani usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano, niqoqele amalunga nazo zonke izakhamuzi zezwe endlini kaSimakade uNkulunkulu wenu, nikhale kuSimakade.
Bethani uphondo eZiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele, mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaSimakade, impela selusondele.
Lapho bewabetha kanyekanye, yonke inhlangano iyobuthana kuwe ngasemnyango wethende lokuhlangana.