UJoweli 1:19 - IsiZulu 2020 Ngikhala kuwe Simakade, ngokuba amadlelo asendle angqongqiswe ngumlilo, nelangabi lizishise zonke izihlahla zasendle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikhala kuwe Jehova, ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, ngiyakhala kuwe, ngokuba umlilo udlile amadlelo asogwadule, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle. |
Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.
Abalimi banamahloni, bamboze amakhanda abo, ngenxa yomhlabathi ogcwele izimfa, ngokuba akufikanga mvula ezweni.
Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.
Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.
Angizukubajezisa yini ngalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esinjengalesi na?”
Phambi kwabo kuqothula umlilo, emva kwabo kuvutha ilangabi; izwe eliphambi kwabo linjengensimu e-Edeni, kodwa emva kwabo liyihlane elingenalutho, akukho okuphunyukayo kubo.
Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”
INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.
Mina ngiyakubheka uSimakade, ngilindele uNkulunkulu oyakungisindisa; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
UJesu wayesebalandisa umzekeliso, ebafundisa ukuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali.
UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na?