UJoweli 1:16 - IsiZulu 2020 Akuqothulwanga yini ukudla phambi kwamehlo ethu, kwaphela intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu, intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Inyama ayinqunywanga yini phambi kwamehlo ethu, yebo, intokozo nentokozo endlini kaNkulunkulu wethu? |
ngize ngifike e-althare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu oyinjabulo yami nokwethaba kwami; ngikudumise ngokhehlegume, Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
Ngalolo lusuku uyodazuluka, athi: “Angiyukuba ngumelaphi, ngokuba akukho sinkwa nangubo endlini yami; ningangibeki umbusi wabantu.”
Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.