“Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho, u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho,
UJoshuwa 9:6 - IsiZulu 2020 Zaya kuJoshuwa enkanjini eGiligali, zathi kuye nabakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude, ngakho-ke yenzani isivumelwano nathi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baya kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, bathi kuye nakumadoda akwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Baya kuJoshuwa ekamu laseGiligali, bathi kuye nakubantu bakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; bese wenza isivumelwano nathi manje. |
“Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho, u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho,
Kwase kufika umphrofethi u-Izaya enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Bebezothini labo bantu, futhi bebevela kuphi na?” UHezekiya wathi: “Bavela ezweni elikude, eBhabhele.”
AbaseGibheyoni bathumela kuJoshuwa enkanjini eGiligali, bathi: “Ungaziyekeleli izinceku zakho; woza kithi ngokushesha usisindise, usisize, ngokuba wonke amakhosi ama-Amori akhe kwelezintaba ayasihlanganyela.”
Abantu baliwela iJordani ngolweshumi enyangeni yokuqala, base bekanisa eGiligali empumalanga yomngcele eJerikho.
Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.
Zafaka izimbadada ezindala ezinyaweni zazo, zagqoka izingubo ezigugile, zathatha umphako wezinkwa ezomile, eziyimvuthu.
Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,