“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,
UJoshuwa 9:5 - IsiZulu 2020 Zafaka izimbadada ezindala ezinyaweni zazo, zagqoka izingubo ezigugile, zathatha umphako wezinkwa ezomile, eziyimvuthu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo, bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile. Contemporary Zulu Bible 2024 nezicathulo ezigugile ezinyaweni zabo, nezingubo ezigugile; isinkwa sonke sokudla kwabo sasomile sikhuntile. |
“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,
Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.
Imigoqo yakho ingeyensimbi nethusi, njengoba zinjalo izinsuku zakho; ayoba njalo namandla akho.’
“Nasi isinkwa sethu, sasisashisa lapho sisithatha ezindlini zethu ukuba sibe ngukudla kwethu endleleni, ngosuku esalifulathela ngalo elakithi lapho siza kini. Bhekani manje, somile futhi sesize savuthuluka.
Niyabona-ke, nezimvaba zethu zewayini zazizintsha lapho sizigcwalisa, kodwa sezidabukile; izingubo nezimbadada zethu sekuvuthukela emizimbeni yethu ngenxa yobude bendlela.”
nazo zenza ubuqili. Zahamba zayozihlinzeka ngemiphako, zase zithatha amasaka agugile zawabeka phezu kwezimbongolo zazo, nezimvaba ezigugile nezidabukileyo ezase zichitshiyelwe.
Zaya kuJoshuwa enkanjini eGiligali, zathi kuye nabakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude, ngakho-ke yenzani isivumelwano nathi.”