Izindebe ezikhuluma iqiniso ziyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
UJoshuwa 9:16 - IsiZulu 2020 Emveni kwezinsuku ezintathu besenzile isivumelwano nazo, bezwa ukuthi zingomakhelwane babo nokuthi zihlala phakathi kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezintathu benze isivumelwano labo, bezwa ukuthi bangomakhelwane babo lokuthi bahlala phakathi kwabo. |
Izindebe ezikhuluma iqiniso ziyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
UJoshuwa wenza nazo isivumelwano sokuthula, eziqinisekisa ukuthi aziyukufa. Abaholi bebandla lakwa-Israyeli bafunga nabo ukuthi abayukuzibulala.
Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.
UJoshuwa wababiza, wathi kubo: “Nisikhohliseleni nithi: ‘Sihlala kude nani,’ nibe nihlala phakathi kwethu, na?
Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,