UJowabe wabona ukuthi izimpondo zempi zimzungeze nxazonke, wakhetha amabutho kuwo wonke ayekhethwe kwa-Israyeli, wawathuma ukuba ayokulwa nama-Aramu.
UJoshuwa 8:21 - IsiZulu 2020 Kuthe lapho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli bebona ukuthi umuzi udliwe ngababewuhlasela, nokuthi isikhatha sentuthu yomuzi sasenyukela phezulu, baphenduka babulala amabutho ase-Ayi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka, base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uJoshuwa no-Israyeli wonke bebona ukuthi abaqamekeli bawuthathile umuzi nokuthi umusi wawukhuphuka emzini, baphenduka bawabulala amadoda ase-Ayi. |
UJowabe wabona ukuthi izimpondo zempi zimzungeze nxazonke, wakhetha amabutho kuwo wonke ayekhethwe kwa-Israyeli, wawathuma ukuba ayokulwa nama-Aramu.
Lapho u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, esezwile ukuthi uJoshuwa uyidle kanjani i-Ayi, wayishaya wayiqothula, wenza kuyo i-Ayi nenkosi yayo njengalokhu ayenzile kulo iJerikho nenkosi yalo, nokuthi izakhamuzi zaseGibheyoni zasenza kanjani isivumelwano sokuthula no-Israyeli, zahlala phakathi kwakhe;
Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha.
Abanye baphuma emzini babhekana nabo. Ngaleyo ndlela abakwa-Israyeli babavimbezela nxazonke bababulala, akwaze kwasinda muntu.