USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela
UJoshuwa 8:16 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke bonke abantu ababesemzini babizelwa ndawonye ukuba babaxoshe. Besaxosha uJoshuwa baya ngokuya bededa emzini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abantu basemzini babizwa ukuba babaxoshe; bamxosha uJoshuwa, basuswa emzini. Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantu ababese-Ayi babizelwa ndawonye ukuba babaxoshe, bamxosha uJoshuwa, basuka emzini. |
USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela
Akusalanga namunye e-Ayi noma eBhethele lapho bephumela ukuyoxosha abakwa-Israyeli, bawashiya amasango ethe gengelezi.
babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.
Lapho abakwaBhenjamini bephuma ukuyokulwa nabakwa-Israyeli, yabaheha eyakwa-Israyeli ukuba baqhele emzini. AbakwaBhenjamini baqala ukubulala, nokulimaza amabutho, kwasala amadoda angama-30 akwa-Israyeli enkundleni, emigwaqweni, nasendleleni eqonde eBhethele naseGibheya.