Wakhetha amabutho ayizi-5 000 wawabeka phakathi kweBhetheli ne-Ayi, entshonalanga e-Ayi.
UJoshuwa 8:13 - IsiZulu 2020 Bawahlela amabutho, ingxenye enkulu yawo yayingasenyakatho, ingxenye eyayingemuva ingasentshonalanga yomuzi. UJoshuwa walala esigodini ngalobo busuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebehleliwe abantu, lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ababengasentshonalanga komuzi, uJoshuwa waya ngalobo busuku phakathi kwesigodi. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho sebemisa amadoda, yonke impi eyayisenyakatho yomuzi, nabaqambimanga bayo ngasentshonalanga komuzi, uJoshuwa wahamba ngalobo busuku phakathi nesigodi. |
Wakhetha amabutho ayizi-5 000 wawabeka phakathi kweBhetheli ne-Ayi, entshonalanga e-Ayi.
Lapho inkosi yase-Ayi ikubona lokho, yaphuma ngokushesha ekuseni, yona nabantu bayo, izakhamuzi zomuzi i-Ayi, baya endaweni ebhekene ne-Araba lapho impi yayibambene khona neyakwa-Israyeli, kodwa yayingazi ukuthi kukhona abayilalele unyendle emva komuzi.
Lapho seniwudlile umuzi, niyakuwuthungela ngomlilo, nenze njengalokhu uSimakade eniyalile. Bhekani, senginiyalile.”