Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 7:10 - IsiZulu 2020

USimakade wathi kuJoshuwa: “Sukuma! Uweleni ngobuso emhlabathini, na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova wathi kuJoshuwa: “Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Sukuma; ucambalale kanje ngobuso bakho?

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 7:10
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

eyegolide, eyesiliva, eyethusi, neyensimbi, okungenakubalwa; suka usebenze; uSimakade abe nawe.”


USimakade wathi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Khuluma kubantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi:


U-Israyeli wonile, usephulile isivumelwano engimmisele sona. Bathathile izinto eziqalekisiweyo, bebile, benza inkohlakalo, bazithathile lezo zinto bazihlanganisa nempahla yabo.


AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”


USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”