Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.
UJoshuwa 6:9 - IsiZulu 2020 Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabaphristi ababeshaya amacilongo. Amanye ahamba ngemuva elandela umphongolo, abashaya amacilongo bawashaya kabaze baphumula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abahlomileyo bahamba phambi kwabapristi ababetha amacilongo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo, bebetha amacilongo besahamba. Contemporary Zulu Bible 2024 Abahlomileyo baphuma phambi kwabapristi ababetha amacilongo, umvuzo walandela umphongolo, abapristi bahamba bevuthela izimpondo. |
Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.
Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo lukaDani, ngamabandla ayo, lona lalisemva kwazo zonke ezinye izinkambu. Owayelihola kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi.
UJoshuwa wabayala abantu, wathi: “Aniyukukhuza saga, aniyukumemeza, futhi aniyukusho lutho kuze kube lusuku engiyonitshela ngalo ukuba nikhuze isaga. Lapho-ke niyakumemeza nikhamuluke.”
Abaphristi abayisikhombisa ababephethe amacilongo ezimpondo zezinqama ayisikhombisa, bedlula phambi komphongolo kaSimakade beshaya amacilongo. Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabo, amanye alandela umphongolo kaSimakade, kwathi abashaya amacilongo bawashaya bengaphumuli.
Njengoba uJoshuwa ayebayalile abantu, abaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama bahamba phambi kukaSimakade befutha amacilongo abo, nomphongolo wesivumelwano sikaSimakade ulandela ngemuva kwabo.