U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.
UJoshuwa 6:12 - IsiZulu 2020 UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abaphristi bathatha umphongolo kaSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bawuthwala umphongolo kaJehova. |
U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.
uMose wayeseyala abaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, wathi:
Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele.
Umphongolo kaSimakade wazungeza umuzi, wawuzungeza kanye, base bebuyela enkanjini yabo, balala lobo busuku lapho babekanise khona.
Abaphristi abayisikhombisa ababephethe amacilongo ezimpondo zezinqama ayisikhombisa, bedlula phambi komphongolo kaSimakade beshaya amacilongo. Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabo, amanye alandela umphongolo kaSimakade, kwathi abashaya amacilongo bawashaya bengaphumuli.