Ngakho-ke, ithi iNkosi uSimakade: “EZiyoni ngibeka itshe lesisekelo elivivinyekileyo, itshe legumbi eliyigugu elinqabileyo lesisekelo soqobo, owethembayo akayukuxhamazela.
UJoshuwa 6:10 - IsiZulu 2020 UJoshuwa wabayala abantu, wathi: “Aniyukukhuza saga, aniyukumemeza, futhi aniyukusho lutho kuze kube lusuku engiyonitshela ngalo ukuba nikhuze isaga. Lapho-ke niyakumemeza nikhamuluke.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.” Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka, ningakhamuki ngezwi lenu, kungaphumi lizwi emlonyeni wenu, kuze kufike usuku enginiyala ngalo ukuba nimemeze; khona-ke kufanele umemeze. |
Ngakho-ke, ithi iNkosi uSimakade: “EZiyoni ngibeka itshe lesisekelo elivivinyekileyo, itshe legumbi eliyigugu elinqabileyo lesisekelo soqobo, owethembayo akayukuxhamazela.
Akayukukhala, akayukuliphakamisa izwi lakhe, akayukulizwakalisa izwi lakhe emigwaqweni.
Akayukudazisana namuntu inkani, akayukuklabalasa, akekho oyakuzwa izwi lakhe emigwaqweni.
Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”
Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisileyo ngamandla akhe.
Umphongolo kaSimakade wazungeza umuzi, wawuzungeza kanye, base bebuyela enkanjini yabo, balala lobo busuku lapho babekanise khona.
Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabaphristi ababeshaya amacilongo. Amanye ahamba ngemuva elandela umphongolo, abashaya amacilongo bawashaya kabaze baphumula.