Aniyukudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha kuze kufike lolo lusuku, nize nilethe umnikelo kaNkulunkulu wenu; lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.
UJoshuwa 5:11 - IsiZulu 2020 Ngosuku olulandela umkhosi wePhasika, nangalo lolo lusuku, badla umkhiqizo weKhanani, isinkwa esingenamvubelo nokusanhlamvu okugazingiwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika, amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku. Contemporary Zulu Bible 2024 Badla ngosuku olulandelayo emva kwephasika ukolweni wezwe, amaqebelengwane angenamvubelo nokolweni okuthosiwe ngalolo suku. |
Aniyukudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha kuze kufike lolo lusuku, nize nilethe umnikelo kaNkulunkulu wenu; lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.
Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga kuyoba ngumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuSimakade. Niyokudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
kuyothi lapho nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade.
Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.
Yanqamuka imana ngosuku abaqala ngalo ukudla umkhiqizo weKhanani, abantu bakwa-Israyeli ababange besaba nayo imana, badla izithelo zeKhanani ngalowo nyaka.