Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 5:10 - IsiZulu 2020

Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 5:10
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mina-ke, ngizothi ukuzindela ngasemazibukweni ehlane, kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela.”


Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.


Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 kusihlwa niyokudla isinkwa esingenamvubelo kuze kube kusihlwa ngosuku lwama-21.


Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili.


Kepha impi yamaKhaledi yabahubha, yamfica uZedekiya ezinkalweni eJerikho, yambamba, yamyisa kuNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, owayeseRibhila eHamathi, wamgweba.


“Wena ndodana yomuntu, bopha umthwalo wakho ulungele ukuya ekuthunjweni, uzohamba uye ekuthunjweni emini kwabha, bekubuka. Suka endaweni ohlala kuyo, bebuka, uye kwenye indawo. Mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.


phakathi kwamabili, ngosuku lwe-14 ngenyanga yokuqala; yiphasika likaSimakade.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


Abantu baliwela iJordani ngolweshumi enyangeni yokuqala, base bekanisa eGiligali empumalanga yomngcele eJerikho.


Ngosuku olulandela umkhosi wePhasika, nangalo lolo lusuku, badla umkhiqizo weKhanani, isinkwa esingenamvubelo nokusanhlamvu okugazingiwe.


Zaya kuJoshuwa enkanjini eGiligali, zathi kuye nabakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude, ngakho-ke yenzani isivumelwano nathi.”


Wayezungeza njalo minyaka yonke aye eBhetheli, eGiligali, naseMizpha; wamehlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.