Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.
UJoshuwa 3:13 - IsiZulu 2020 Kuyothi lapho amathe ezinyawo zabaphristi abathwele umphongolo kaSimakade, iNkosi yomhlaba wonke, ethinta amanzi eJordani, amanzi eJordani ageleza evela enhla ayokuma, ayokuma abe yintaba.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, ephumula emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqanyulwe. Emanzini ehla evela phezulu; bayakuma phezu kwenqwaba. |
Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.
Uqoqela ndawonye amanzi olwandle kube sengathi asembizeni, utwa uluqoqela ezinqolobaneni.
NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.
Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.
Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.
Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uzokwedlula phambi kwenu eJordani.
nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”