UJoshuwa 24:2 - IsiZulu 2020 UJoshuwa wathi kubo bonke abantu: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Emandulo okhokho benu, uThera namadodana akhe u-Abhrahama noNahori, babehlala ngaphesheya komfula, bekhonza abanye onkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wathi kubantu bonke: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula,* uThera uyise ka-Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wayesethi kubo bonke abantu: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ezinsukwini zasendulo oyihlo babehlala ngaphesheya koMfula, uThera, uyise ka-Abrahama, noyise kaNahori; bakhonza abanye onkulunkulu. |
Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi.
ULabani wayengekho eyogunda izimvu zakhe, uRaheli wantshontsha onkulunkulu bakayise.
Noma ngabe weqe ngoba usukhumbule ekhaya kini, pho kungani untshontshe onkulunkulu bami na?”
Kepha-ke lowo muntu okuyotholakala kuye onkulunkulu bakho, akanakuphila. Phambi kwezihlobo zethu khomba ezintweni enginazo ukuthi yini engeyakho bese uyayithatha.” UJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayentshontshe onkulunkulu.
Sengathi uNkulunkulu ka-Abhrahama noNahori, uNkulunkulu woyise, angehlulela phakathi kwethu.” UJakobe wenza isifungo ngoKwesaba kuka-Isaka, uyise.
Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu.
Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu, nakuSara owanizalayo, ngokuba ngambiza eyedwa vo, kodwa ngambusisa, ngamandisa.
uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kulo iJerusalema, ithi: “Indabuko yakho nokuzalwa kwakho kuseKhanani. Uyihlo wayengumAmoni, unyoko engumHithi.
Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.
Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”