UJoshuwa 23:4 - IsiZulu 2020 Bhekani, nginabele njengefa lezizwana zenu, zonke izizwe ezisasele, nazo zonke izizwe engazibhubhisa, kusukela eJordani kuze kufike oLwandle Olukhulu entshonalanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu, kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo, kuze kufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, nginabele lezi zizwe ezinishiyele ngenkatho, zibe yifa lezizwe zenu, kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engazichithayo, kuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga. |
Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.
Kunalokho, ngizozixosha phambi kwakho kancane kancane, uze wande ngokwanele ukuba ulidle izwe.
“Ngiziqothulile izizwe, imibhoshongo yazo iyincithakalo, ngenze imigwaqo yazo amagebhugebhu, ukuze kungadluli muntu kuyo, imizi yazo icekelwe phansi yasala dengwane.
“Lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezibhubhisile izizwe eziphambi kwakho, sewuzongena ukuba uzephuce izwe, nalapho sewuzephucile izwe, wahlala kulo,
UJoshuwa eseShilo wabenzela unkatho phambi kukaSimakade, wababela izwe abakwa-Israyeli kwayilowo nalowo waba nesabelo sakhe.
angiyukuphinde ngixoshe abantu phambi kwabo, noma yisiphi sesizwe kwezashiywa nguJoshuwa ekufeni kwakhe,