UJoshuwa 21:5 - IsiZulu 2020 Basalayo bozalo lukaKhohathi bathola ngonkatho imizi elishumi emindenini yesizwana sakwa-Efrayimi, nesakwaDani, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana abaseleyo bamaKohati babelwa emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi, nasesizweni sakwaDani, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase imizi eyishumi. Contemporary Zulu Bible 2024 Abanye abantwana bakwaKohati baba nemizi eyishumi emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi nasesizweni sakwaDani nasenxenyeni yesizwe sakwaManase. |
Abozalo lukaKhohathi ababesele banikwa ngonkatho imizi elishumi emndenini, engxenyeni yesizwana sakwaManase, emindenini yakhona ngokwemindeni yawo.
KuKhohathi kwavela le mindeni: oka-Amramu, okaJizihari, okaHebhroni noka-Uziyeli. Yilena imindeni kaKhohathi.
Unkatho lwadla imindeni yamaKhohathi. Ngakho-ke abaLevi abengabozalo luka-Aroni, umphristi, bathola ngonkatho imizi eli-13 esizwaneni sakwaJuda, esakwaSimeyoni, nesakwaBhenjamini.
Abozalo lukaGerishoni bathola imizi eli-13 emindenini yesizwana sakwa-Isakhare, esakwa-Asheri, esakwaNafethali nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, eBhashani.