Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.
UJoshuwa 21:3 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade abakwa-Israyeli banika abaLevi le mizi elandelayo namadlelo ayo, kwaba yifa labo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi efeni lawo njengesiyalezo sikaJehova le mizi namadlelo ayo. |
Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.
zakhuluma kubo eShilo eKhanani, zathi: “USimakade wayala ngoMose ukuba sinikwe imizi esizohlala kuyo namadlelo emfuyo yethu.”
Unkatho lwadla imindeni yamaKhohathi. Ngakho-ke abaLevi abengabozalo luka-Aroni, umphristi, bathola ngonkatho imizi eli-13 esizwaneni sakwaJuda, esakwaSimeyoni, nesakwaBhenjamini.
Isiyonke imizi yabaLevi eyayiphakathi kwesabelo sabakwa-Israyeli yayingama-48 namadlelo ayo.