“Lapho ngiphuma ngiya esangweni lomuzi, nalapho ngihlala esihlalweni sami esigcawini,
UJoshuwa 20:4 - IsiZulu 2020 Umbulali uyakubalekela komunye wayo afike ame esikhaleni sesango lomuzi, achazele amalunga alowo muzi indaba yakhe, bese emthatha amngenise emzini, amnike indawo ahlale phakathi kwawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Nxa obalekela komunye waleyo mizi emi ngasesikhaleni sesango lomuzi, ekhuluma indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, amngenise emzini ngenxa yabo, amnike indawo, ukuze amkhulule. Angahlala phakathi kwabo. |
“Lapho ngiphuma ngiya esangweni lomuzi, nalapho ngihlala esihlalweni sami esigcawini,
Kepha u-Ebhedi Melekhi, umKhushe owayengumthenwa esigodlweni senkosi, wezwa ukuthi uJeremiya bamfake emgodini. Inkosi yayihleli esangweni kwaBhenjamini.
ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.
ukuze lowo obulala umuntu ngephutha engahlosile abalekele kuyo; iyokuba kini yindawo yokuphephela kumphindiseli wegazi.