waze wabona ngisho isizukulwane sesithathu sabantwana baka-Efrayimi; nabantwana bakaMakhiri indodana kaManase, wabagona ethangeni lakhe besanda kuzalwa.
UJoshuwa 17:3 - IsiZulu 2020 Kepha uZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri kaManase wayengenamadodana, kungamadodakazi odwa. Nanka amagama amadodakazi akhe: uMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThirisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uSelofehadi, indodana kaHeferi, indodana kaGileyadi, indodana kaMagiri, indodana kaManase, wayengenamadodana, kodwa amadodakazi; lawa angamagama amadodakazi akhe: uMagila, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. |
waze wabona ngisho isizukulwane sesithathu sabantwana baka-Efrayimi; nabantwana bakaMakhiri indodana kaManase, wabagona ethangeni lakhe besanda kuzalwa.
UZelofehadi, indodana kaHeferi, wayengenamadodana enamadodakazi wodwa. Amagama amadodakazi kaZelofehadi yilawa: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
Abozalo lukaManase bonke banikwa isabelo sabo ngokwemindeni yabo: abozalo luka-Abhiyezeri, abolukaHelekhi, aboluka-Asiriyeli, abolukaShekhemu, abolukaHeferi, nabolukaShemida; bonke laba babengabozalo lukaManase indodana kaJosefa; ngokwemindeni yabo.