UJoshuwa 17:2 - IsiZulu 2020 Abozalo lukaManase bonke banikwa isabelo sabo ngokwemindeni yabo: abozalo luka-Abhiyezeri, abolukaHelekhi, aboluka-Asiriyeli, abolukaShekhemu, abolukaHeferi, nabolukaShemida; bonke laba babengabozalo lukaManase indodana kaJosefa; ngokwemindeni yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abanye abantwana bakwaManase babelwa nabo ngemindeni yabo: abantwana bakwa-Abiyezeri, nabantwana bakwaHeleki, nabantwana bakwa-Asiriyeli, nabantwana bakwaShekemi, nabantwana bakwaHeferi, nabantwana bakwaShemida; labo babe ngabantwana besilisa bakwaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona nabanye abantwana bakwaManase abaningi ngemindeni yabo; kubantwana bakwa-Abiyezeri, nakubantwana bakwaHeleki, nakubantwana bakwa-Asiriyeli, nakubantwana bakwaShekemi, nakubantwana bakwaHeferi, nakubantwana bakwaSemida; labo babe ngamadodana kaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo. |
Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.
Kepha uZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri kaManase wayengenamadodana, kungamadodakazi odwa. Nanka amagama amadodakazi akhe: uMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThirisa.
Ingelosi kaSimakade yafika e-Ofira yahlala phansi komu-okhi, owawungokaJowashi umAbhiyezeri, ngesikhathi indodana yakhe, uGideyoni, ibhula ukolo esikhamweni sewayini, ukuze iwufihlele abakwaMidiyani.
Wathi kubo: “Ngenzeni mina manje okungaqhathaniswa nokwenziwe yini, na? Ngabe ukuvunwa kwamagilebhisi kwakwa-Efrayimi akungcono yini kunewayini elisha lakwa-Abhiyezeri, na?