UJosefa waliqamba izibulo lakhe wathi nguManase, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungenze ngakukhohlwa ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”
UJoshuwa 17:1 - IsiZulu 2020 Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona abaningi abesizwe sakwaManase; ngoba wayelizibulo likaJosefa; okungukuthi, uMagiri, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi; ngokuba wayeyindoda yempi, ngalokho waba nelakwaGileyadi neBashani. |
UJosefa waliqamba izibulo lakhe wathi nguManase, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungenze ngakukhohlwa ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”
Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”
Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni.
UJosefa wabona ukuthi uyise ubeke isandla sakhe sokunene phezu kwekhanda lika-Efrayimi, akwaze kwamthokozisa lokho. Wasithatha isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi asibeke kwelikaManase.
UJosefa wathi kuyise: “Hhayi kanjalo baba, ngokuba lona nguye oyizibulo, beka isandla sakho sokunene ekhanda lakhe.”
waze wabona ngisho isizukulwane sesithathu sabantwana baka-Efrayimi; nabantwana bakaMakhiri indodana kaManase, wabagona ethangeni lakhe besanda kuzalwa.
wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.
UGeshuri no-Aramu bathatha imizana kaJayiremi, iKenathi nemizana yalo, imizi engama-60. Bonke laba babengamadodana kaMakhiri, uyise kaGileyadi.
Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nanku umngcele eniyakulehlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.
“UManase uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
Abozalo lukaManase: kuMakhiri: ngumndeni wabakwaMakhiri; uMakhiri wazala uGileyadi; kuGileyadi: ngumndeni wabakwaGileyadi.
Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza.
UMose wayesenika abozalo lukaGadi nabolukaRubeni nengxenye yesizwana sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBhashani, izwe nemizi nezifunda ezizungeze imizi yezwe.
Kodwa uyokuvuma obala ukuthi indodana yesaliwakazi yiyo eyizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yiyona engukuqala kwamandla akhe; ilungelo lobuzibulo lingelayo.”
Abozalo lukaManase bonke banikwa isabelo sabo ngokwemindeni yabo: abozalo luka-Abhiyezeri, abolukaHelekhi, aboluka-Asiriyeli, abolukaShekhemu, abolukaHeferi, nabolukaShemida; bonke laba babengabozalo lukaManase indodana kaJosefa; ngokwemindeni yabo.
Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, uMose wayeyabele isabelo sayo eBhashani, kodwa enye ingxenye uJoshuwa wayabela phakathi kwabafowabo izwe elisentshonalanga, phesheya kweJordani. Ngesikhathi ebabuyisela emathendeni abo, wababusisa,
Kusukela kwa-Efrayimi baphumela esigodini, kulandela wena Bhenjamini nabafowenu, kusukela eMakhiri, bahamba abakhuzi bempi behla kusukela kwaZebuloni, kwehla abaphethe induku yomkhuzi wempi.