wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.
UJoshuwa 16:8 - IsiZulu 2020 Ukusuka eThaphuwa umngcele wawubheka ngasentshonalanga uze ufinyelele esigodini iKhana ugcine olwandle. Sasimi kanjalo-ke isabelo sesizwana sozalo luka-Efrayimi ngokwemindeni yaso, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga, wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo waphuma eTaphuwagi ngasentshonalanga, waya emfuleni iKhana; futhi ukuphuma kwawo kwakungaselwandle. Leli yifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngezizukulwane zabo. |
wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.
Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBhethele nemizana yalo, ngasempumalanga kuyiNaharani, ngasentshonalanga kuyiGezeri nemizana yalo, iShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;
“U-Efrayimi uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaManase, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
“ ‘Umngcele wasentshonalanga kuyoba wuLwandle Olukhulu, lube ngumngcele wenu entshonalanga.
nemizi eyehlukaniselwa abozalo luka-Efrayimi esabelweni sabozalo lukaManase, yonke leyo mizi nemizana yayo.
Indawo yabakwaManase yayisuka e-Asheri iye eMikhemetha engaphambi kweShekhemi; bese umngcele uqhubeka ngaseningizimu uye kwababakhe e-Eni Thaphuwa.