wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.
UJoshuwa 16:5 - IsiZulu 2020 Indawo yabozalo luka-Efrayimi ngokwemindeni yabo yama kanje: umngcele wesabelo sabo ngasempumalanga kwakuyi-Atharothi Adari kuze kuyofika enhla neBhethi Horoni, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla; Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atarota-adari kuze kufike eBeti Horoni phezulu; |
wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.
Indodakazi yakhe kwakunguSheyera owakha iBhethi Horoni eZansi naseNhla, ne-Uzeni Sheyera.
Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBhethele nemizana yalo, ngasempumalanga kuyiNaharani, ngasentshonalanga kuyiGezeri nemizana yalo, iShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;
“U-Efrayimi uyakuba nesabelo ngasemngceleni wakwaManase, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
bese sisuka eBhethele kuya eLuzi, sidabule ngase-Atharothi, isifunda sama-Arikithe;
Kusuka lapho umngcele wedlula ngaseningizimu ngendlela eya eLuze, eceleni kweLuze eliyiBhethele, wehlele e-Atharothi Adari entabeni esezansi ngaseningizimu yeBhethi Horoni.