Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”
UJoshuwa 16:4 - IsiZulu 2020 Abozalo lukaJosefa, nabolukaManase no-Efrayimi, basithola isabelo sabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, balidla ifa labo. |
Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”
Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nanku umngcele eniyakulehlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.
Ngokuba abozalo lukaJosefa babeyizizwana ezimbili, esakwaManase nesakwa-Efrayimi, akukho sabelo sezwe esasinikwe abaLevi, ngaphandle kwemizi ababehlala kuyo, namadlelo emfuyo nemihlambi yabo.
Indawo yabozalo luka-Efrayimi ngokwemindeni yabo yama kanje: umngcele wesabelo sabo ngasempumalanga kwakuyi-Atharothi Adari kuze kuyofika enhla neBhethi Horoni,
Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”
Ayakulehlukanisa izingxenye eziyisikhombisa: uJuda aqhubeke ahlale endaweni yakhe eseningizimu, indlu kaJosefa endaweni yayo enyakatho.