Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.
UJoshuwa 15:3 - IsiZulu 2020 uqhubekela ngaseningizimu yommango i-Akhrabhimi, udlulele eZini, ukhuphukele eningizimu eKadeshi Bharineya, wedlule ngaseHezironi, wenyukele e-Adari, ujike uye eKharakha, IBHAYIBHELI ELINGCWELE waphuma waya ngaseningizimu kommango wase-Akarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi Barineya, wadlula ngaseHesironi, wenyukela e-Adari, wajika waya eKaraka; Contemporary Zulu Bible 2024 Waphuma waya ohlangothini lwaseningizimu, waya eMahali-hakrabimi, wadlulela eSini, wenyukela ohlangothini lwaseningizimu eKadeshi Barineya, wadlulela eHezironi, wenyukela e-Adari, wazungeza eKarika. |
Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.
Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.
Noyihlo benza kanjalo mhlazana ngibathume ukuyohlola izwe besuka eKadeshi Bharineya.
Umngcele wenu ujike ngaseningizimu yoKhalo Lwezitha, uze wedlule eZini, uphume eningizimu eKadeshi Bharineya, uye eHazari Adari, uze ufike e-Azimoni.
Umngcele wabo ngaseningizimu wawuhamba usuka ekugcineni koLwandle Lukasawoti, kusukela ngasechwebeni elibheke ngaseningizimu;
udlulele e-Azimoni, uye emfuleni eGibhithe; uze ugcine olwandle. Lona kuyakuba ngumngcele wenu wangaseningizimu.
Umngcele wama-Amori wawusuka wenyukele phezulu emsahweni e-Akhrabhimi, eSela, wenyuke.