Ngokuba uMose wayenike isabelo sezwe ezizweni ezimbili nengxenye ngaphesheya kweJordani, kodwa abaLevi akazange abanike sabelo.
Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.
Ngokuba uMose wazinika ifa lezizwe ezimbili nenxenye ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwazo.
“ ‘Kuyothi lapho izwe senilehlukanisa ngonkatho ukuba libe yifa, bese ninikela kuSimakade ingxenye yalo ekhethekileyo, ubude balelo lizwe kube ngamakhubhithi ayizi-25 000; ububanzi bube ngamakhubhithi ayizi-10 000; liyakuba yindawo engcwele, kuyo yonke imingcele yalo nxazonke.
UMose, inceku kaSimakade, nabakwa-Israyeli babanqoba; uMose, inceku kaSimakade, walinikeza izwe abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.
Yisizwana sakwaLevi kuphela uMose angasabelanga ifa, ngoba iminikelo yomlilo eya kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli yiyo eyifa labo njengoba asho kubo.
Indawo yabo yayisuka e-Aroweri ngasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nawo wonke amathafa ngaseMedeba,
neHeshibhoni, nayo yonke imizi yalo esethafeni; iDibhoni, iBhamothi Bhali, iBhethi Bhali Mehoni,
Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, nabakwaRubeni nabakwaGadi basemukela isabelo sefa labo abasinikwa nguMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokhu uMose, inceku kaSimakade, yababela lona: