Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.”
UJoshuwa 13:8 - IsiZulu 2020 Enye ingxenye yesizwana sakwaManase, nabakwaRubeni nabakwaGadi basemukela isabelo sefa labo abasinikwa nguMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokhu uMose, inceku kaSimakade, yababela lona: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika: Contemporary Zulu Bible 2024 abakwaRubeni nabakwaGadi bamukela kubo ifa labo uMose abanika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho uMose inceku kaJehova abanika khona; |
Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.”
“Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kusukela esigodini i-Arinoni kuze kube sentabeni iHermoni.
Nanka amakhosi ezwe u-Israyeli awanqoba, amazwe awo ahlala kuwo kusukela ngaphesheya kweJordani kuya empumalanga, kusukela esigodini i-Arinoni kuya entabeni iHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:
UMose, inceku kaSimakade, nabakwa-Israyeli babanqoba; uMose, inceku kaSimakade, walinikeza izwe abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.
Ngalokho-ke lehlukanise leli lizwe libe yifa lezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwana sakwaManase.”
kusuka e-Aroweri elingasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nethafa kusuka eMedeba kuya eDibhoni;
Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.
Abozalo lukaRubeni nolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase bawela umfula behlomile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uMose ayebayalile.
AmaHebheru awela iJordani, aya kwaGadi nakwaGileyadi. USawule wayeseseGiligali, bonke abantu bamlandela bethuthumela.