noGebheri, indodana ka-Uri kwaGileyadi, izwe likaSihoni, inkosi yama-Amori no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo lizwe.
UJoshuwa 12:6 - IsiZulu 2020 UMose, inceku kaSimakade, nabakwa-Israyeli babanqoba; uMose, inceku kaSimakade, walinikeza izwe abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo. Contemporary Zulu Bible 2024 Banqoba uMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli; uMose, inceku kaJehova, walinika abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa. |
noGebheri, indodana ka-Uri kwaGileyadi, izwe likaSihoni, inkosi yama-Amori no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo lizwe.
UMose wathi kubo: “Uma abakwaGadi nabakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke behlomele ukulwa phambi kukaSimakade, izwe balinqobe phambi kwenu, niyobanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo.
Siyakuwela sihlomile phambi kukaSimakade, siye eKhanani, nokho izwe eliyifa lethu liyosala lingelethu ngaphesheya kweJordani.”
UMose wayesenika abozalo lukaGadi nabolukaRubeni nengxenye yesizwana sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBhashani, izwe nemizi nezifunda ezizungeze imizi yezwe.
Ngokuba uMose wayenike isabelo sezwe ezizweni ezimbili nengxenye ngaphesheya kweJordani, kodwa abaLevi akazange abanike sabelo.
AbaLevi abanasabelo phakathi kwenu, ngokuba ubuphristi bukaSimakade buyifa labo. UGadi noRubeni nengxenye yesizwna sakwaManase sebesitholile isabelo sabo ngaphesheya kweJordani empumalanga, uMose inceku kaSimakade abanika sona.”
Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.