U-Absalomu wabaleka waya kuThalimayi, indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide wayililela indodana yakhe zinsuku zonke.
UJoshuwa 12:5 - IsiZulu 2020 ebusa phezu kwentaba iHermoni, eSalekha, nakulo lonke iBhashani kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowaMahakhathi, nengxenye kwaGileyadi kuya emngceleni kaSihoni inkosi yaseHeshibhoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ebusa entabeni yaseHermoni, naseSaleka, nakulo lonke iBashani kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, nenxenye yakwaGileyadi, umkhawulo kaSihoni inkosi yaseHeshiboni. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabusa entabeni yaseHermoni, naseSaleka, naseBashani lonke, kwaze kwaba semkhawulweni wamaGeshuri, namaMahaga, nenxenye yakwaGileyadi, emkhawulweni kaSihoni inkosi yaseHeshiboni. |
U-Absalomu wabaleka waya kuThalimayi, indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide wayililela indodana yakhe zinsuku zonke.
Inceku yakho, ngesikhathi isahleli eGeshuri e-Aramu, yenza isithembiso, yathi: ‘Uma impela uSimakade engangibuyisela eJerusalema, ngiyakumkhonza uSimakade.’ ”
u-Elifelethi, indodana ka-Ahashibhayi, indodana yomMahakha, u-Eliyamu, indodana ka-Ahithofeli waseGilo,
Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri.
Zonke izinduna zempi nabantu bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya waba ngumbusi ezweni, zase ziya kuGedaliya eMizipha: u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, noJohanani, indodana kaKhareya, noZeraya, indodana kaThanihumethi waseNethofa, noJahazaniya, indodana yomMahakha, nabantu babo.
zaya kuGedaliya eMizpha: kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumethi, amadodana ka-Efayi waseNethofa, uJezaniya indodana kaMahakhi, bona nabantu babo.
UJayire, indodana kaManase, wathatha sonke isifunda i-Arigobhi kuze kube semngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, iBhashani, walibiza ngegama lakhe wathi yiHawothi Jayire, kuze kube yinamuhla.
nakumaKhanani empumalanga, nasentshonalanga, nakuma-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi kwelezintaba, nakumaHivi phansi kweHermoni eMizpha.
Nanka amakhosi ezwe u-Israyeli awanqoba, amazwe awo ahlala kuwo kusukela ngaphesheya kweJordani kuya empumalanga, kusukela esigodini i-Arinoni kuya entabeni iHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:
neGileyadi nesifunda samaGeshuri, namaMahakhathi, nayo yonke intaba iHermoni, nalo lonke iBhashani kuya eSalekha,
UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe.