Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJoshuwa 11:7 - IsiZulu 2020

Wayesefika uJoshuwa nawo wonke amabutho, abahlasela bengazelele ngasemanzini eMerone, babathelekela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye, babazuma ngasemanzini aseMerome, babadumela.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Khona uJoshuwa nabo bonke abantu bempi bekanye naye babafikela ngasemanzini aseMeromu; bawela phezu kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJoshuwa 11:7
4 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJoshuwa wabathelekela bengazelele; kwazise wayehambe ubusuku bonke esuka eGiligali.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.