“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.
UJoshuwa 11:11 - IsiZulu 2020 Bababulala ngenkemba bonke ababekulo, baliqothula, akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo; walishisa iHazori ngomlilo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba, babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo. Contemporary Zulu Bible 2024 Babulala bonke abantu ababekulo ngobukhali benkemba, bababulala ngesiqalekiso; kwakungekho ophefumulayo; washisa iHasori ngomlilo. |
“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.
nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.
UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo.
Bawushisa ngomlilo wonke umuzi, nakho konke okwakukuwo, ngaphandle kwesiliva negolide nezimpahla zethusi nezensimbi okwafakwa endlini yengcebo kaSimakade.