Ngesikhathi uJabhini, inkosi yaseHazori, ezwa ngalokhu, wathumela kuJobabhi inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimironi, nasenkosini yase-Akhishafu,
UJoshuwa 11:10 - IsiZulu 2020 UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wadla iHazori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHazori kuqala laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wathatha iHasori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHasori laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso kuqala. Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa waphenduka ngaleso sikhathi, wathatha iHazori, wayishaya inkosi yalo ngenkemba, ngoba iHazori laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso. |
Ngesikhathi uJabhini, inkosi yaseHazori, ezwa ngalokhu, wathumela kuJobabhi inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimironi, nasenkosini yase-Akhishafu,
Ngakho-ke uSimakade wabanikela esandleni sikaJabhini, inkosi yaseKhanani, owayebusa eHazori, umkhuzi wempi yakhe kwakunguSisera owayehlala eHaroshethi labezizwe.