Wayesebophela imbongolo, wathi encekwini yakhe: “Yihole, uhambe njalo, ungami uma ngingakasho.”
UJoshuwa 10:6 - IsiZulu 2020 AbaseGibheyoni bathumela kuJoshuwa enkanjini eGiligali, bathi: “Ungaziyekeleli izinceku zakho; woza kithi ngokushesha usisindise, usisize, ngokuba wonke amakhosi ama-Amori akhe kwelezintaba ayasihlanganyela.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, athi: “Ungayekethisi isandla sakho ezincekwini zakho; shesha ukhuphukele kithi usisindise, usisize, ngokuba onke amakhosi ama-Amori akhile ezintabeni asihlanganyele.” Contemporary Zulu Bible 2024 Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu laseGiligali, ethi: “Ungasibuyiseli isandla sakho ezincekwini zakho; shesha uze kithi, usophule, usisize, ngokuba onke amakhosi ama-Amori ahlala ezintabeni asibuthelene. |
Wayesebophela imbongolo, wathi encekwini yakhe: “Yihole, uhambe njalo, ungami uma ngingakasho.”
Njengalokhu izintaba zizungeze iJerusalema, noSimakade ubazungeze kanjalo abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.
Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.
Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.”
“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.
Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama-Amori: inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebhroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakhishi, nenkosi yase-Egiloni, ahlanganisa amabutho awo, akhuphuka nayo yonke impi yawo, akanisa malungana neGibheyoni, alwa nalo.
Bawanika iKiriyathi Arbha okuyiHebhroni, umuzi kayise ka-Anaki, ezintabeni kwaJuda namadlelo awo nxazonke zawo.
Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.
UJoshuwa wenza nazo isivumelwano sokuthula, eziqinisekisa ukuthi aziyukufa. Abaholi bebandla lakwa-Israyeli bafunga nabo ukuthi abayukuzibulala.
Zaya kuJoshuwa enkanjini eGiligali, zathi kuye nabakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude, ngakho-ke yenzani isivumelwano nathi.”
Zathi kuJoshuwa: “Siyizinceku zakho.” Kepha uJoshuwa wathi kuzo: “Ningobani, futhi nivelaphi?”