imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.
UJoshuwa 10:41 - IsiZulu 2020 UJoshuwa wabanqoba kusukela eKadeshi Bharineya kuze kufike eGaza, nalo lonke iGosheni kuze kufike eGibheyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wabachitha kusukela eKadeshi Barineya kuze kufike eGaza, nezwe lonke laseGosheni kuze kufike eGibeyoni. Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wababulala kusukela eKadeshi-Barineya kwaze kwaba seGaza, nalo lonke izwe laseGosheni kuze kufike eGibeyoni. |
imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.
EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.”
I-Ashikeloni liyakukubona lokho, lesabe, iGaza liyobayobe kakhulu ezinhlungwini kanye ne-Ekhroni, ngokuba ithemba lalo liyakuphela, inkosi ishabalale eGaza, kungahlali muntu e-Ashikeloni.
Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.
Noyihlo benza kanjalo mhlazana ngibathume ukuyohlola izwe besuka eKadeshi Bharineya.
Umngcele wenu ujike ngaseningizimu yoKhalo Lwezitha, uze wedlule eZini, uphume eningizimu eKadeshi Bharineya, uye eHazari Adari, uze ufike e-Azimoni.
Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu, endleleni ephuma eJerusalema yehlele eGaza, le ndawo iyihlane.”
“Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.
Kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kuze kufike eGaza, nawo eza, abhubhisa amaKhafithori ayevela eKhafithori, abe esakha endaweni yawo.
“Nalapho uSimakade enithuma, nisuka eKadeshi Bharineya, ethi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaSimakade uNkulunkulu wenu, anaze nakholwa nguye, analilalela izwi lakhe.
Ngosuku uSimakade anikela ngalo ama-Amori ku-Israyeli, uJoshuwa wakhuluma noSimakade ephambi kwabantu bakwa-Israyeli wathi: “Langa, yima nse eGibheyoni, nawe nyanga, esigodini i-Ayijaloni.”
wesaba kakhulu, ngokuba iGibheyoni yayingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nokuthi futhi inkulu kune-Ayi, namadoda wonke akhona angamaqhawe.
UJoshuwa walidla lonke lelo lizwe: elezintaba, nayo yonke iNegevu, nalo lonke iGosheni, amathafa, i-Araba, nelezintaba kwa-Israyeli, namathafa alo,
Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi.
AmaFilisti ambamba, amkhipha amehlo, amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi. Wagwedla isigayo ejele.
Lawa ngamathumba egolide abuyiswa ngamaFilisti aba ngumnikelo wecala kuSimakade: elinye lalingele-Ashidodi, elinye kungeleGaza, elinye kungele-Ashikeloni, elinye kungeleGathi nele-Ekhroni,