Kepha ngasohlangothini lwabakwa-Israyeli akukho muntu nasilwane okuzokufa, ngisho inja imbala ayiyukugwavumela muntu namfuyo, ukuze nazi ukuthi uSimakade wehlukanisile phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli.’
UJoshuwa 10:21 - IsiZulu 2020 Bonke abantu babuyela kuJoshuwa enkanjini eMakheda bephephile, akubanga bikho owake wakhuluma okubi ngo-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE bonke abantu babuyela ekamu* kuJoshuwa eMakheda ngokuthula, akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abantu babuyela ekamu ngokuthula kuJoshuwa eMakheda; kakho owaphakamisa ulimi lwakhe komunye wabantwana bakoIsrayeli. |
Kepha ngasohlangothini lwabakwa-Israyeli akukho muntu nasilwane okuzokufa, ngisho inja imbala ayiyukugwavumela muntu namfuyo, ukuze nazi ukuthi uSimakade wehlukanisile phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli.’
Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.
Nihlekisa ngobani, nikhamisela bani umlomo, nivezela bani ulimi ngaphandle na? Anisibo yini abantwana besiphambeko, inzalo yamanga;
Kwathi lapho uJoshuwa nabantu bakwa-Israyeli sebecekele phansi abaningi kakhulu baze babaqeda, insali yangena emizini ebiyelweyo.
Wayesethi uJoshuwa: “Vulani umlomo womgede, niwalethe kimi lawo makhosi ayisihlanu asemgedeni.”