Amakhosi ahola izimpi acela empunzini, athi galo yephuka. Abesifazane abasekhaya babelana impango,
UJoshuwa 10:16 - IsiZulu 2020 Lawo makhosi ayisihlanu abaleka, ayocasha emgedeni eMakheda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa lawo makhosi amahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda. |
Amakhosi ahola izimpi acela empunzini, athi galo yephuka. Abesifazane abasekhaya babelana impango,
noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.
Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.
Ziyokhotha uthuli njengenyoka, zihuquzele njengezinto ezihuquzela emhlabathini. Ziyakuphuma ezinqabeni zazo zithuthumela, zize kuSimakade uNkulunkulu wethu, ziyakushaywa wuvalo, zikwesabe wena.
Kwabikwa kuJoshuwa ukuthi: “Lawo makhosi ayisihlanu afunyaniswe ecashe emgedeni eMakheda.”
Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama-Amori: inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebhroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakhishi, nenkosi yase-Egiloni, ahlanganisa amabutho awo, akhuphuka nayo yonke impi yawo, akanisa malungana neGibheyoni, alwa nalo.
Amakhosi omhlaba, izikhulu, izinduna, abacebileyo, iziphathimandla, izigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emigedeni nasemaweni ezintaba,
Isandla sabakwaMidiyani sabehlula abantu bakwa-Israyeli, ngenxa yabakwaMidiyani, abakwa-Israyeli bazakhela izindawo zokucasha ezintabeni, emigedeni, nasezinqabeni.
Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.
Wafika ezibayeni zezimvu ezaziseceleni kwendlela, kwakukhona umgede lapho; uSawule waphambukela khona ukuba ayozembesa izinyawo. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva phakathi emgedeni.
UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka.