UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi.
UJoshuwa 1:14 - IsiZulu 2020 Omkenu nabantwana benu nemfuyo yenu kuyakusala ezweni uMose aninika lona, elingaphesheya kweJordani. Kepha nina niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, nonke nina maqhawe anamandla niyakubasiza, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize, Contemporary Zulu Bible 2024 Umkenu, nabantwana benu, nemfuyo yenu kuyakuhlala ezweni uMose aninika lona phesheya kweJordani; kodwa kufanele nidlule nihlomile phambi kwabafowenu, wonke amaqhawe anesibindi, futhi nibasize; |
UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi.
Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’
Kuyosala omkenu, izingane zenu, nemfuyo yenu kuphela, ngiyazi ukuthi ninemfuyo eningi; konke kuyosala emizini yenu engininike yona.
Wazikhethela isabelo sekhethelo, ngokuba sasigodlwe lapho isabelo somehluleli; wahamba nabaholi babantu, wafeza ubulungiswa bukaSimakade nezehlulelo zakhe ngo-Israyeli.’
“Khumbulani izwi uMose, inceku kaNkulunkulu, aniyala ngalo, ethi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uzakunabela indawo yokuphumula, futhi uyakuninika leli lizwe.’
aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”
Abozalo lukaRubeni nolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase bawela umfula behlomile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uMose ayebayalile.
Owesifazane wayembethe okubukhwebezane nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe amahle namapharele, ephethe indebe yegolide esandleni sakhe; yayigcwele amanyala nokungcola kobufebe bakhe,