Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJona 3:3 - IsiZulu 2020

UJona wayesesuka waya eNineve, njengokusho kwezwi likaSimakade. INineve kwakungumuzi omkhulu; ukudabula kuwo kwakungathatha izinsuku ezintathu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJona wayesesuka waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve laliwumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJona 3:3
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.


URaheli wathi: “Ngibambene nodadewethu ngezikhwepha ezinkulu, ngamnqoba.” Wayeseyiqamba igama wathi nguNafethali.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.


Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo, nemisedari kaNkulunkulu, ngamagatsha awo.


USenakheribhi, inkosi yase-Asiriya, wasuka wabuyela emuva, wahlala eNineve.


“Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”


Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”


uLuka nguye kuphela onami. Ubokuza noMakhu, ngokuba uwusizo kimi emsebenzini.