futhi bagcine izinsuku zomkhosi wePhurimi ngesikhathi esifaneleyo, njengoba umJuda uMoridekhayi nendlovukazi u-Esteri bakuqinisekisa kubaJuda, njengalokhu bazibophezela nezizukulwane zabo maqondana nemithetho ephathelene nokuzila neyokulila.
UJona 3:2 - IsiZulu 2020 “Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Suka uye eNineve, idolobha elikhulu, ushumayele ivangeli engikuyala ngalo. |
futhi bagcine izinsuku zomkhosi wePhurimi ngesikhathi esifaneleyo, njengoba umJuda uMoridekhayi nendlovukazi u-Esteri bakuqinisekisa kubaJuda, njengalokhu bazibophezela nezizukulwane zabo maqondana nemithetho ephathelene nokuzila neyokulila.
UMose wayesetshela u-Aroni wonke amazwi kaSimakade ayemthume wona, nazo zonke izibonakaliso ayemyale ukuba azenze.
“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.
Kepha uSimakade wathi kimi: “Ungathi kimi ungumfanyana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, futhi uyakukhuluma konke engikuyala ngakho.
Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.
“Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
“Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”
UJona wayesesuka waya eNineve, njengokusho kwezwi likaSimakade. INineve kwakungumuzi omkhulu; ukudabula kuwo kwakungathatha izinsuku ezintathu.
Emva kwalokho uJesu wamfica lowo muntu ethempelini, wathi kuye: “Usuphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokhu.”