Athi angezwa lokhu amatilosi esaba kakhulu, ayesethi kuye: “Wenzeni na?” (Ambuza kanjalo ngoba ayazi ukuthi ubalekela uSimakade ngoba wayeke wawaxoxela ngaphambilini.)
UJona 1:11 - IsiZulu 2020 Ulwandle lwaya ngokuya ludlanga. Amatilosi ambuza athi: “Senzenjani ngawe ukuze ulwandle luthule na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bethi kuye: “Siyakwenze njani kuwe, ukuze ulwandle luthule kithina,” ngokuba ulwandle luyaqhubeka lube nesivunguvungu. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bethi kuye: “Sikwenzeni kuwe, ukuze ulwandle luthule kithi na?” ngoba ulwandle lwalugeleza futhi lugubha. |
Athi angezwa lokhu amatilosi esaba kakhulu, ayesethi kuye: “Wenzeni na?” (Ambuza kanjalo ngoba ayazi ukuthi ubalekela uSimakade ngoba wayeke wawaxoxela ngaphambilini.)
Waphendula wathi: “Ngiqukuleni, ningiphonse olwandle, khona luzothula, ngokuba ngiyazi ukuthi yimi oyimbangela yalesi siphepho esinihlaseleyo.”