USimakade uNkulunkulu wabuza kowesifazane wathi: “Ukwenzeleni lokhu na?” Waphendula wathi: “Yinyoka engiluthile, ngasidla.”
UJona 1:10 - IsiZulu 2020 Athi angezwa lokhu amatilosi esaba kakhulu, ayesethi kuye: “Wenzeni na?” (Ambuza kanjalo ngoba ayazi ukuthi ubalekela uSimakade ngoba wayeke wawaxoxela ngaphambilini.) IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu, bathi kuye: “Kuyini lokhu okwenzileyo na?” Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova, lokhu ebatshelile. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke amadoda esaba kakhulu athi kuye: “Ukwenzeleni lokhu? Ngokuba amadoda azi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova, ngokuba wayeshilo kuwo. |
USimakade uNkulunkulu wabuza kowesifazane wathi: “Ukwenzeleni lokhu na?” Waphendula wathi: “Yinyoka engiluthile, ngasidla.”
UJowabe wathi enkosini: “USimakade uNkulunkulu wakho angenezela kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, ikubone lokho ngamehlo inkosi yami, inkosi, isakwazi ukubona. Kodwa kungani inkosi yami, inkosi ifuna ukwenza lokhu na?”
Ulwandle lwaya ngokuya ludlanga. Amatilosi ambuza athi: “Senzenjani ngawe ukuze ulwandle luthule na?”
Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.
UJoshuwa wathi: “Wenzeleni ukuba usilethele inhlupheko, na? USimakade uzakukulethela inhlekelele nawe namuhla.” Bonke abantu bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe waze wafa, babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.