Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 9:23 - IsiZulu 2020

Uma kwehla inhlekelele ngokuzuma, uyakuhleka ukuphelelwa yithemba kwabangenacala.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo, uyahleka ingozi yabangenacala.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uma isifo sibulala ngokuzumayo, uyakuhleka ukuqulwa kwabangenacala.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 9:23
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama wakhothama wathi mbo ngobuso wahleka, wakhuluma yedwa wathi: “Indoda ingayizala kanjani ingane isinekhulu leminyaka na? USara angabe esakwazi ukuzala ingane esehlanganise iminyaka engama-90, na?”


“Manje-ke ngize lapha ukukhuluma leli lizwi enkosini yami, inkosi, ngenxa yokuthi abantu bangesabisile; incekukazi yakho yayisithi: ‘Mangikhulume enkosini; mhlawumbe inkosi iyakukwenza lokho okushiwo yincekukazi yayo.


“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ukuba ilalele okuhle nokubi; uSimakade uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.


Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.


Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wabhujiswa engenacala na? Babhujiswa kuphi abalungileyo na?


“Phela uNkulunkulu akayukumlahla ongenasici, akayukuzibamba izandla zabenza okubi,


Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke, sifana nezimvu zokuhlatshwa.


“ ‘ “Bekuyisivivinyo nje; kunganjani uma intonga edelelayo manje ingayukuba bikho na?” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.