Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na? Ake ungiyeke, kengithole ukuthokoza kancane nje,
UJobe 9:18 - IsiZulu 2020 Akangivumeli ukuba ngiphefumule, kepha ungigcwalisa ngomunyu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu. Contemporary Zulu Bible 2024 Akavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu. |
Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na? Ake ungiyeke, kengithole ukuthokoza kancane nje,
Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami, ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.
“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;
Kuyoze kube nini ungawasusi amehlo akho kimi na? Ngiyeke ngize ngigwinye isikhwehlela sami.
Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”
Kepha bahambe balandela inkani yenhliziyo yabo, balandela oBhali ababafundiswa ngokhokho babo.”
Ukuyala konke esikhathini samanje akusiyo into emnandi, kodwa kubuhlungu, ekugcineni kuyabathelela isithelo sokuthula nokulunga labo abaqeqeshwe yikho.
Wabaphendula wathi: “Ningangibizi ngoNawomi; ngibizeni ngoMara, ngokuba uSomandla ungenzele okubi.